Skip to main content
News

EQUIPPING A BOY AND GIRL CHILD DIALOGUE

By October 18, 2024No Comments

Namhlanje, 18 kuMfumfu 2024, ngaphansi kwesiqubulo ”Equipping A Boy and Girl Child”uSodolobha wase Mkhondo uKhansela Ngelosi Ndhlovu ngokubambisana nezikhungo zika Hulumeni kanye neziNhlangano ezingenz’inzuzo benze uhlelo lokufundisa abafundi abasemazingeni amaphansi, endaweni yase Khalambazo, engaphansi kwesigceme 9 kanye no 15.

Inhloso yaloluhlelo ukuvala igebe elikhona phakathi kwabafundi bama-ntombazane kanye nabafana.

uSodolobha ethula inkulumo yakhe ululeke abafundi waphinde wagcizelela ngokubaluleka kwe mfundo ukuze bakwazi ukuguqula izimo zasemakhaya.

Waqhubeka waxwayisa izingane ngokubika uma behlangabezana nokuhlukumezeka emakhaya nasezikoleni.

Izikhungo ezahlukene zika Hulumeni kanye nezikhungo ezingenzinzuzo zithole ithuba lokuxwayisa abafundi ngokuhlukumezeka, nokusetshenziswa kwezidakamizwa, nobuqhwanga ezikoleni, nokukhulelwa basemancane nokunye okuningi.

uKhansela Ngelosi Ndhlovu undlulise izipho kubafundi ekhombisa ukunakekela.

Lomcimbi bowuhanjelwe izikhungo zika Hulumeni okufaka phakathi uDepartment of Health;Department of Education;Department of Social Development; Mpumalanga Addiction Rehabilitation Centre (Marc); South African Police Services; GRIP/Movement of Shelter; Anova Institute; Jehova Jireh; Seed of Hope; kanye namaKhansela oMasipala wase Mkhondo.

Translate »