
EZITHOMBENI | 23 KU-NHLOLANJA 2025
USomlomo uKhansela, Mduduzi Ngwenya namhlanje uvakashele indawo yase Sanbank, ngaphansi kwesigceme 08.
USomlomo ethula inhloso Ngqangi yomhlangano, uveze ukuba uMasipala ufisa ukubona uMphakathi wonkana uhlinzekelwa ngezidingo zonke zoMasipala kubuye kuqinisekiswe ukuba igebe elikhona phakathi kukaMasipala kanye nomphakathi liyavaleka.
UMphakathi uthole ithuba lokuveza izikhalazo kanye nezingqinamba obhekene nazo emiphakathini.