
Namhlanje, 12 kuMfufu 2024, intaka ibibekelwe amazolo njengoba bekusindwe ngobethole esiGodlweni seNkosi uYende eMahlaphahlapha kusigceme 01 eSaul Mkhize Ville, njengoba bekubungazwa umcimbi woMmemo.
Loluhlobo lomcimbi lwenzeka minyaka yonke, ngenhloso yokuqhakambisa amasiko esintu nokukhuthaza abantu abasha ukuthi bazigcine futhi baziphathe kahle.
Izimbali zesizwe kanye nezinsizwa beziphume ngobuningi bazo zisina zidedelana ngengoma kulomcimbi.
Ethula inkulumo yakhe uSodolobha woMkhandlu ukhansela Ngelosi Ndhlovu, ubonge Amakhosi kanye neZinduna ngokuqinisekisa ukuthi luyaqhubeka ubambiswano phakathi kukaHulumeni namaKhosi.
Phakathi kwababe thamele lomcimbi Amakhosi, IZinduna, uSomlomo womkhandlu uKhansela Mduduzi Ngwenya, Ilunga Lekomidi likaMeya uKhansela Thembi Khumalo, obemele iMeya yesiSifunda i-Gert Sibande uKhansela Busisiwe Mkhwanazi, iKhansela lesigceme 01 uKhansela uNosipho Sangweni kanye nabanye abaningi
Imilayezo yokweseka lomcimbi ibivela kulaba:
●Indlu yoBukhosi baseMpumalanga
●Sappi
●Mondi
●PG Bison
●SAPS
●Eskom
● CoGTA
●CONTRALESA
●Umnyango Wezempilo kanye nomnyango
Wezenhlalakahle.
Inkosi yeSizwe saseMahlaphahlapha Inkosi uYende ubonge kakhulu ukwesekwa kulomcimbi wase enxusa uHulumeni ukuthi ungenelele ekufukuleni umnotho wasemakhaya ukuze kuxoshwe ikati eziko.