
EZITHOMBENI |
USomlomo uKhansela, Mduduzi Ngwenya ehambisana no Khansela, Walter Vilakazi onguKhansela wesigceme 14, bavakashele umphakathi wase Thembalabasha, namuhla, mhlaka 22 kuMasingana 2025.
Injongo yomhlangano ukuzwa izikhalo kanye nezinqginamba ezikhona emphakathini wase Thembalabasha.
Usomlomo ethula inhloso gqangi yomhlangano, wazise amalunga oMphakathi ukuba isifiso soMasipala ukuthi ubone uMphakathi wonkana uhlinzekwa ngezidingo zonke zoMasipala.
UMphakathi uthole ithuba lokuveza izinkinga ezikhona.
Umhlangano ubuhanjelwe abasebenzi baMasipala, iCommunity Development Worker kanye nama Ward Committees.
USomlomo usazohambela nezinye izindawo zaseMkhondo ukuyoxoxisana namalunga oMphakathi.