
EZITHOMBENI|
Izolo, 5 kuNcwaba 2025, uNdunankulu waseMpumalanga, uMnu. Mandla Ndlovu uthule ngokusemthethweni isikole esisezingeni eliphezulu uMkhondo Boarding School esigodini saseZimbidleni eMkhondo.
Lesikole sithathe abafundi abangu-425 bezikole eziyishumi zasemakhaya.
uMkhondo Boarding School ubhekelela abafundi abasuka kwi-Banga R kuya kwi-Banga lesikhombisa (7), kanti umnyango wezeMfundo usezinhlelweni zokuthi lesikole sigcine sifike kuBanga le-Shumi (Grade 12) kusukela ngonyaka ozayo,2026.
Kulesisakhiwo Nakhu Okukhona:
- Izindawo zokulala eziyisishiyagalombili, ezamantombazane nezabafana.
- Amakilasi esimanjemanje angama-32 ukusekela ukufunda.
- Abafundi bathola umfaniswano wesikole wamahhala, ukudla okunomsoco nsuku zonke.
- Abasebenzi abacishe babe ngama-90, okuhlanganisa nothisha, izisebenzi zasekhishini, abasizi kanye nabahlanza igceke.
Lesikole siyinxenye yezikole ezisezingeni eliphezulu kuSifunda iGert Sibande.
Ethula inkulumo yakhe UNdunankulu Ndlovu uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uHulumeni weSifundazwe uzimisele ukwakha inqalasizinda esezingeni eliphezulu ezoqinisekisa ukuthi nesizukulwane esizayo siyakwazi ukuyisebenzisa, ubese nxusa abafundi, kanye noThisha ukuthi basebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi uMkhondo Boarding School ukhiqiza abafundi abase zingeni eliphezulu.
Lomcimbi ubuhanjelwe uMEC wezeMfundo, uNksz. Lindi Masina, uMEC wezemiSebenzi yoMphakathi, iMigwaqo nezokuThutha, uMnu. Thulasizwe Thomo, uSodolobha wesifunda iGert Sibande; uKhansela Walter Mngomezulu, uSodolobha womkhandlu; uKhansela Ngelosi Ndhlovu, uSomlomo woMkhandlu; uKhansela Mduduzi Ngwenya, amaKhansela, uMqondisi-Jikelele weSifundazwe, uNksz. Maggie Skosana, Amakhosi, abasebenzi beminyango kaHulumeni eyahlukahlukeni, kanye namalunga omphakathi.