Skip to main content
News

USOMLOMO KAMASIPALA UKHANSELA MDUDUZI NGWENYA WELULE ISANDLA EMNDENINI WAKWA VILAKAZI

By June 12, 2026No Comments

EZITHOMBENI |

USomlomo kaMasipala uKhansela Mduduzi Ngwenya, uhambele umndeni wakwaVilakazi ngoMhlaka, 05 kuNhlaba 2026, endaweni yaseKhokha kuSigceme 08.

Inhloso nqangi yololuhambo bekunguku lula isandla kumndeni wakwaVilakazi, ngokubapha ifenisha yasendlini okubalwa kuyo umbhede, ikhabethe lezingubo zokugqoka, ikhabethe lokufaka izinto zokudla kanye nokunye.

Ethula inkulumo yakhe uSomlomo uveze ukuthi kubalulekile kakhulu ukunakekela umphakathi ikakhulukazi owasezindaweni zasemakhaya ukuze nawo uzizwe uyinxenye yoMkhondo.

UMnuzane uVilakazi uzibongele kakhulu kuSomlomo kanye nakuMasipala, “Ngiyathobeka kakhulu Somlomo ungadinwa, okwenze emndenini wami ukwenze nakwabanye.” Kusho uMnumzane uVilakazi.

 

Translate »