
EZITHOMBENI ||
25 kuNtulikazi 2026 – Ube yimpumelelo umcimbi woMmemo kwaNdwalaza Traditional Council ngaphansi kweNkosi uM.A Mahlobo ngomgqibelo.
Lomcimbi woMmemo omuhle kangaka ukhombise ubunye, ukuhlonipha isiko, nokubambisana phakathi kobuholi bendabuko nohulumeni kanye nemiphakathi.
Inhloso enkulu yalomcimbi ukuhlanganisa uMphakathi nabaholi ukuze kube khona ukuxhumana okuhle nokusebenzisana ukuthuthukisa imiphakathi.
Ngesikhathi kuqhubeka lomcimbi kwabelwana ngezaluleko zempilo, kudingidwe izindaba ezithinta inhlalonhle yomphakathi, kugcizelelwe ukubaluleka kobuholi bendabuko ekuqinisekiseni ukugcinwa kwamasiko kanye namagugu esizweni sonkana.
Lo mkhosi uba ngobalulekile emakhosini nasezindlini zamakhosi ngoba ukhumbuza umphakathi ngokubaluleka kokuba kuvuselelwe isimilo, kuphinde kuqinisekiswe ukuthi isiko lisetshenziswa njengesisekelo sempilo ukuze nabakhulayo bakwazi ukugcina isiko.
Lomcimbi ubuhlonishwe, uSodolobha weSifunda iGert Sibande, uKhansela, Walter Mngomezulu, uMMC waka Community Services eMkhondo, uCllr. Nkosi, obeyibambela lika Sodolobha waseMkhondo, oSomlomo woMkhandlu waseMkhondo uKhansela Ngwenya nowaseGert Sibande District uKhansela Sekhonde, aMakhosi ahlukahlukene kubalwa kuwona INkosi u Mthethwa, iNkosi u M.T Yende ophinde abe uSekela Sihlalo we MPHTKL, Usekela likaNgqongqoshe Wezamanzi uMhlonishwa Prince David Mahlobo, Mpumalanga Addiction Rehabilitation Centers, uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (CoGHSTA),IKhomishini Ezimele Yokhetho (IEC), uMnyango Wezabasebenzi Nokuqashwa, uMnyango Wezempilo, uMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo kanye namaPhoyisa AseNingizimu Afrika (SAPS).


