
EZITHOMBENI ||
Namhlanje 01 kuMfumfu 2025, uSomlomo uKhansela Mduduzi Ngwenya ehambisana noSotswebhu uKhansela Daniel Thwala, kanye noKhansela Thokozani Manana bahambele izigodlo zabaholi bendabuko eMkhondo. Okubalwa ubukhosi bakwa-Madabukela kanye nobukhosi bakaw-Ndwalaza.
Inhloso ngqangi yaloluhlelo ukuvuselela kanye nokuqinisa ubudlelwano nokusebenzisana, phakathi kukaMasipala kanye nobuholi bendabuko.
iNkosi uMthethwa yakwaMadabukela, neNkosi yakwaNdwalaza iNkosi uMahlobo, kanye neziNduna bakhombise ukuluthokozela kakhulu loluhlelo, baphinde babonga uSomlomo ngokubahambela.
Baphinde banxusa kakhulu uSomlomo ukuba aqinisekise ukuthi amaKhansela ayasabela kukhwelo lokusebenzisana, ikakhulukazi nezinduna zamakhosi.
Umphakathi wakulezigodi nawo uthole ithuba lokuzwakalisa izikhalo zawo.
uSomlomo uNgwenya ugcizelele ukuthi uzowagqugquzela amaKhansela ukuthi noma yini ayenzayo emphakathini iqale ezinduneni.
Loluhlelo luzoqhubeka nakwezinye izigodlo!






