Skip to main content
News

UMGUBHO WOMMEMO WESIZWE SAKWA-MADABUKELA

By October 21, 2025No Comments

EZITHOMBENI  || 

Ube yimpumelelo enkulu umgubho wokubungaza amasiko kanye namagugu obubanjelwe esiZweni sakwa-Madabukela

Mhlaka, 18 kuMfumfu 2025, eMadabukela esiGodlweni sakwaMthethwa.

Lomgubho ubanjwa minyaka yonke ngalesikhathi sonyaka njengenxenye yokubungaza amasiko nesintu.
Inhlosonqangi yalomgubho ukuqhakambisa kanye nokugqugquzela ukulondwa nokugcinwa kwaMasiko kanye naMagugu esizwe.
Obemele uSodolobha wase Mkhondo uKhansela M.Z Thomo, ubonge kakhulu indlela abaholi bendabuko abasebenzisana ngayo noMasipala okwenza ukuthi kubelula ukuletha intuthuko ezindaweni zase makhaya, uqhube ngokuthi kuyintokozo ukubona abantu behlangene kuloluhlobo lomcimbi lapho kuqhakambiswa khona amasiko.
Ngesikhathi inkosi yaso Ogenyaneni uN.T Yende ethola ithuba lokukhuluma nesizwe sase Madabukela ugcizelele kakhulu ekutheni kubuyiswe amasiko nesintu sakwa Zulu ngoba esikhathini samanje kubonakala abantu bengasasinakile isintu, ubesenxusa izi Nduna ukuba ziwahloniphe Amakhosi futhi ziwanakelele, Wase ebonga ubudlelwano obuhle obukhona phakathi kwama Khosi asemkhondo.
Ithula inkulumo yayo Inkosi uMthethwa ibonge kakhulu bonke abahambele lomcimbi, wabonga nokubambisana okukhona emphakathini wase Madabukela, uqhube ngokuthi umphakathi uzisebenzise izinduna ukuze bathole usizo abaludingayo.
Inkosi uMthethwa ubesenxusa abesilisa ukuthi bavikele abesifazane nezingane ukuze kuliwe nesihlava sodlame lwasemakhaya.
Asine adedelana ngengoma amaqembu ahlukene kulomcimbi eqhakambisa amakhona awo.
Lomcimbi ubuhanjelwe Amakhosi, Umnyango wezeMfundo, SAPS, IEC, COGHSTA, uMnyango wezeMpilo, PG Bison, Umnyango wezase-Khaya, kanye nabanye abaningi.
#MadabukelaTraditionalCouncil       #SibungazaAmasiko
      
Translate »