
EZITHOMBENI ||
Ngomhlaka 13 ku Nhlolanja 2026, iHhovisi lika Somlomo woMasipala wase Mkhondo ngokubambisana neHhovisi Elibhekelele Ezemidlalo kanye naMaciko lihlele umcimbi wokwamukela iqembu USwenka Wamabhinca eHholo lomphakathi eSkeyfin.
Inhloso ngqangi yalombungazo ukwamukela iqembu uSWENKA WAMABHINQA ngokuba elinye lamaqembu aqokwa ukuyomela iNingizimu Africa ezweni lase Ivory Cost.
Lokhu kuza emva kokuba babeyonandisa KwaZulu-Natal emcimbini obizwa nge Tshatha Music Festival njenge qembu eliphuma eMpumalanga endaweni yase Mkhondo, babe sebeqokwa ukuba bayomela Iningizimu Africa.
UKhansela, Mduduzi Ngwenya ulihalalisele kakhulu leli qembu wase eveza ukuthi kubalulekile ukweseka amaqembu afana nalawa ngoba yiwona asiza kakhulu ukugwema intsha ekuzinikeleni ezintweni ezingezinhle kanti kuphinde kube yilapho khona intsha ifunda khona ngesintu.
USomlomo ugqugquzele leliqembu ukuba liqhubeke nomsebenzi omuhle ngoba kuningi abazokuthola kanti nenhlonipho iyona ezobaphumelelisa.
Ongu mholi waleli qembu uThoko Ndlangamandla ubonge kakhulu ku Somlomo ngokubamukela, uqhube ngokuthi kuyintokozo ukubona ukuthi umsebenzi wabo uyabonakala futhi bazimisele ukuqhubeka bamele iMpumalanga.
