Skip to main content
News

IMBIZO YESIFUNDA IGERT SIBANDE KUMASIPALA WASEMKHONDO ENTOMBE

By September 29, 2025No Comments

EZITHOMBENI ||

Ibeyimpumelo imbizo ebihlelwe yiSifunda iGert Sibande namhlanje zingu 19 kuMandulo, 2025, enkundleni yezemidlalo kwa-Sbhodla, eNtombe ngaphansi kwaKhansela S.M Shoba kusigceme 15.

Obemele uSodolobha waseMkhondo uKhansela T.W Manana, ubonge kakhulu Isifunda iGert Sibande ngokuthi singakhohlwa ngabahlali basemakhaya.

Ethula inhloso gqangi yaleMbizo uMMC Wezokuhlela nokuThuthukiswa koMnotho uKhansela B.M Buthelezi ugcizelele ukuthi lokhu kungenye yemizamo kaHulumeni yokuqinisekisa ukuthi izwi lomphakathi kanye nezikhalo zawo ziyalalelwa, kuphindwe kuthuthukiswe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

USodolobha weSifunda i-Gert Sibande uKhansela W.M Mngomezulu ubese ethula ngokusemthethweni inqalasizinda yamanzi ama ( boreholes) Kwa-Sbhodla, Ezintabeni ezimnyama, kanye naseBazane, lenqalasizinda izoqinisekisa ukuthi umphakathi uyakwazi ukuthola amanzi ahlanzekile.

USodolobha Mngomezulu akagcinanga lapho uphinde wapha iphephandaba eZomphakathi ikhamera ngenhloso yokuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa, waphinda futhi wanikezela ngejezi lebhola kuKhansela S.M Shoba wesigceme 15, ukuze akwazi ukuqhubeka nokuhlela imiqudelwano yebhola lezinyawo endaweni.

Umphakathi uthole nethuba lokundlulisa izikhalo zawo ku- uSodolobha kanye namaKhansela.

Ababeyinxeye yaleMbizo kubalwa kubo,u uSomlomo weSifunda i-Gert Sibande; uKhansela B.G Sekhonde uSomlomo wase Mkhondo; uKhansela Mduduzi Ngwenya, USodolobha kaMasipala iDr Pixely ka Isaka Seme; uKhansela B.J Mhlanga; AmaKhansela esiFunda, amaKhansela eseMkhondo, Abefundisi, AbaHoli bomdabu, Imenenja yeSifunda iGert Sibande;uMnu C.A Habile, Imenenja kaMasipala; uMnu Mthandeni Mkhonza, uIEC, uMnyango Wezasekhaya, uMnyango Wezamasiko Ezemidlalo Nokungcebeleka, abasebenzi bakwaMasipala, kanye nomphakathi.

 

Translate »