
EZITHOMBENI ||
Njengenxenye yokuvuselela ubudlelwano kanye nokusebenzisana phakathi koMasipala kanye nobuholi bendabuko, Mhlaka 09 kuMfumfu 2025, uSomlomo uKhansela Mduduzi Ngwenya ubehambele izigodlo zabaholi bendabuko eMkhondo.
Okubalwa kuzo ubukhosi baso-Ogenyaneni ngaphansi kweNkosi M.T Yende; kanye nobukhosi baseMahlaphahlapha ngaphansi kweNkosi u-B.V Yende.
Obemele iNkosi yasoGenyaneni Induna V.W Ngema ubonge kakhulu uSomlomo ngaloluhlelo.
UNgema akagcinanga lapho ubese nxusa umphakathi ukuba ubuyela emasisweni ukuze kuliwe nesihlava sodlame, uphuzo oludakayo, kanye nokulahleka kwesimilo emphakathini.
Umphakathi wakulezigodi nawo uthole ithuba lokuzwakalisa izikhalo zawo.



