
EZITHOMBENI || KUBE USUKU OLUHLE FUTHI OLUNENJABULO KUMASIPALA WASE MKHONDO
IZOLO – 12 AUGUST 2026
Kubewusuku oluhle kakhulu kuMasipala waseMkhondo njengoba uSodolobha, uKhansela Ngelosi Ndhlovu, uSotswebhu woMkhandlu, uKhansela Siduduzo Thwala, Amalungu eKomidi likaSodolobha, kanye neBamba likaMphathi kaMasipala, uMnu. Siphesihle Nkosi, benikezela ngezimoto ezintsha ezinhlanu eminyangweni esebenza ngokunikezela ngezidingo nqangi kanye nentuthuko kuMasipala.
Lezi zimoto ezintsha zizoqinisa ukuhlinzekwa kwezinsiza zikaMasipala ziphinde ziqinisekise ukuhlinzekwa kwezidingo ngendlela efanele.
UMasipala usalinde ukulethwa kwe-yellow fleet, okubalwa kuyo ama-TLB amabili, i-Grader eyodwa kanye ne-Cherry Picker eyodwa. Lezi zimoto ezengeziwe zizothuthukisa kakhulu indlela uMasipala osebenza ngayo ikakhulukazi ekunakekeleni ingqalasizinda nasekuhlinzekeni ngezinsiza ezibalulekile emphakathini.
Ngokubambisana, siyaqhubeka nokwakha uMasipala waseMkhondo osebenzela imiphakathi futhi ozibophezele ekuhlinzekeni ngezinsiza eMkhondo.
