
EZITHOMBENI ||
Ngomhlaka 19 kuNdasa 2026, uMasipala wase Mkhondo uhlangene nethimba elibizwa nge (MPAC) uhambele isigodi sase Madabukela lapho ubuyothula khona umbiko wonyaka ophathelene nezezimali kwa Masipala 2024/2025
lomhlangano ubuphethwe u Khansela D.M Ntshakala bekuthulwa umsebenzi osuphothulwe uMasipala esibala kuwo imigwaqo esiyakhiwe, imigwaqo egraveliwe, ukufakela umphakathi onenkinga zamanzi ama borehole, ukufakelwa kwabantu ugesi, kanye nokunye.
UMasipala wase Mkhondo ukuvezile ukuthi I audit ebiyenziwa kulonyaka ibabeke endaweni egculisayo noma kusakhona okuningi okusafanele kulungiswe
UMnumzane Oupa Zwane ovela kwaMasipala kwiHhovisi elibizwa nge (Perfomance Management Services) ukugcizelele kakhulu ukubhalisela ukuvota emphakathini uqhube wathi lokhu kusiza kakhulu uhulumeni abone isibalo sabantu okufanele asabele ngezimali.
Lomhlangano ubuhanjelwe inkosi u T.B Mthethwa, izinduna amakhansela kanye namalungu omphakathi.
U Mnumzane Zwane ubalule wathi kubalulekile ukuba uMasipala namakhosi babe nobudlelwano obuhle ukuze bazokwazi ukusebenzisana bathuthukise isizwe siyephambili.
