
EZITHOMBENI ||
Ube yimpumelelo umcimbi womkhuleko wothisha base Mkhondo obuse Hholo lase Dolobheni ngomhlaka, 23 kuMfumfu 2025.
Lomcimbi wenziwa minyaka yonke ngenhloso yokuzobonga uNkulunkulu ngokubagcina baphephile bangothisha unyaka uqala kuze kube yimanje kuphinde kukhulekelwe abafundi baka matikuletsheni ukuba babhale kahle izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
USodolobha WoMasipala wase Mkhondo, uKhansela Ngelosi Ndhlovu ekhuluma nothisha basemkhondo, ubonge iqhaza abalidlalayo ekushintsheni ikusasa labantwana base Mkhondo, uqhube ngokuthi uyazazi izingqinanda ababhekana nazo ezikoleni ezifana nodlame olwenziwa izingane ezikoleni okugcina kubeka izimpilo zabo encupheni.
USodolobha ubesenxusa ukuthi kuvalwe igebe elikhona ngaphakathi kwengane yentombazane nengane yomfana ukuze bazokhula ngendlela efanayo futhi babe nekusasa eliqhakazile.
Lomcimbi ubuhanjelwe abaphathi bama sekhethi kanye nothisha kanye nasebathatha umhlalaphansi.


