Skip to main content
News

USODOLOBHA WASIFUNDA I-GERT SIBANDE DISTRICT UKHANSELA WALTER MNGOMEZULU KANYE NOMASIPALA WASEMKHONDO BANIKELE NGEZOBUCHWEPHESHE (LAPTOPS) NEMPAHLA YEZEMIDLALO YABAFUNDI

By April 28, 2026No Comments

EZITHOMBENI ||

Ngomhlaka 24 ku Mbasa 2026, uSodolobha weSifunda i-Gert Sibande uKhansela Walter Mngomezulu ebambisene noMasipala wase Mkhondo banikele ngezobuchwepheshe (laptops), nempahla yezemidlalo ezikolweni uMlambo Primary School kanye neBeketelani Primary School.

USodolobha uchaze kabanzi ukubaluleka kokuthuthukisa izikole ezisemakhaya uqhube wathi lokhu kuzosiza kakhulu nakuba lendawo isizoba ne Kolishi (TVET college) ezokwakhiwa e Amsterdam. Uqhube wathi le Kolishi ebizwa nge Gert Sibande College izoletha amakhono amaningi okuthuthukisa intsha uchaze kabanzi ngamakhono ayimvela kancane kanti adle ubhedu esikhathini samanje eza nale Kolishi uthi lokho kuzoba nomthelela ekuthuthukiseni umnotho kulendawo yase Amsterdam.

Abaphathi balezikole basukume ngokubonga kakhulu ngalesi senzo bathi bayabonga ukukhumbulwa yize izikole zabo zisemakhaya baqhube bathi lomnikelo uzoba usizo emsebenzini wesikole.

Obemele uSodolobha waseMkhondo noyilungu lekomidi likaSodolobha elibhekele izinsiza zomphakathi uKhansela Jonhson Nkosi unxuse kakhulu ukuthi izikole ziwasebenzise lama laptops ukholwa ukuthi lokhu kuzokwenza umsebenzi wabo ubelula futhi wenzeke ngokushesha.

Ababehambele lezizikole kubalwa kubo uSomlomo woMasipala waseMkhondo uKhansela Mduduzi Ngwenya, uKhansela wesigceme 19 uMusa Lukhele kanye nabanye.

        

Translate »