
EZITHOMBENI ||
Ube yimpumelelo enkulu umgubho wokubungaza amasiko kanye namagugu obubanjelwe esiZweni saso- Ogenyaneni ngomhlaka 13 kuMandulo 2025, kusigceme 06 eDaliya.
Lomgubho ubanjwa minyaka yonke ngalesikhathi sonyaka njengenxenye yokugubha inyanga yamagugu.
Inhlosonqangi yalomgubho ukuqhakambisa kanye nokugqugquzela ukulondwa kanye nokugcinwa kwamasiko kanye namagugu esizwe.
Usihlalo waMaKhosi esiFundazweni sase Mpumalanga uKgoshi Mokoena unxuse ukuba Indlu yoBukhosi inikwe inhlonipho efanele, kuphindwe kuthandwe futhi kuvikelwe abantu besifazane kanye nezingane.
Ethula inkulumo yakhe Inkosi uYende ubonge kakhulu bonke abahambele lomcimbi, wabonga izinkampani ezifana noTWK kanye noSappi ngamathuba abawanika intsha yaseMkhondo.
Amaqembu ahlukahlukene asine adedelana ngengoma, enandisa futhi ethokozisa izihambeli kulomcimbi kanye nokuqhakambisa amakhono awo lamaqembu.
Kwizihambeli zalomcimbi kubalwa nomelele uSodolobha wase-GSDM, Cllr.B.H Mtshali; Amakhosi, oNdlunkulu, Umnyango wezeMfundo, SAPS, Sappi Forestry, COGHSTA, uMnyango wezeMpilo, kanye nabanye abaningi.
#OgenyaneniTraditionalCouncil
#SibungazaInyangaYamagugu #SibungazaAmasiko

