Skip to main content
News

USUKU LOKUBUNGAZWA KWAMASIKO NOBUCIKO ESIGODLWENI SAKWA YENDE MAHLAPHAHLAPHA

By October 12, 2026No Comments

EZITHOMBENI || 

UMMEMO – 10 kuMfumfu 2026 – Ube yimpumelelo uMmemo wesizwe sakwa Yende ngaphansi kweNkosi u B.V Yende.

Inhloso enkulu yalo mcimbi  ukuveza nokugqamisa ukubaluleka kwamagugu namasiko esizwe, kanye nokugcinwa kwawo ukuze intsha nezizukulwane ezizayo ziwazi futhi ziwaqonde amasiko.

Lo mcimbi wokubungaza usuku lwamasiko,  ukhombisa ubunye, ukubambisana kanye nokusebenzisana phakathi koBuholi beNdabuko, uMasipala, uHulumeni weSifundazwe kanye nomphakathi wonkana wase Mkhondo.

Kulo mcimbi akugcinanga ngokubungazwa kwamasiko, kodwa kuphinde kwabelwane ngezeluleko zempilo, kudingidwe izindaba ezithinta inhlalonhle yomphakathi, kugcizelelwe futhi iqhaza elibalulekile elibanjwa uBuholi beNdabuko ekugcineni nasekuthuthukiseni amasiko namagugu esizwe.

 

Translate »